[zulu, Inkondlo] Ngi Ya Ku Thanda

L LLM Mbatha
0 Altın Yaprak
Angiku thandeli lokho Ongangezela khona kodwa Ngikuthandela lokho oyikho kimi Ngi ya ku thanda Ngingaceli lutho oluvela kuwe Ngaphandle kokuthi Ungithande nawe Ngi ku thanda Ngenhliziyo egcwele isikhwele Uyangi thola na Ngi ya ku khumbula Uku kwanga Ngi ya ku phathaphatha Ngingakuboni Ngi ya ku nkonkoshela Noma zingisithele (izintaba) Ngelula isandla sami Phakathi kobusuku Ngi phuthaza lolo thando Engiqinisekile ngalo Ngize ngilu thinte Emaphusheni Amaphupho am’nandi Uma ngi phupha ngawe Ngi ya mamatheka Ngilele ngi ya mamatheka Ezweni lama phupho Lapho ungibheka maqede Umamatheke Usho kimi uthi Ngi ya ku thanda Uthi, 'akekho ofana nawe, Lungie! ' Uthando Ngaphandle kwesi zathu Ubusika ne hlobo Alukh' olunjengalo Olwethu luhamba lodwa Yimi ngedwa owaziyo Ngokuxhumana kwethu Ngaphadle kwama gama Lapho ubheka uthinta unyakaza Intokazi, nguwe Umculo, nguwe Umlingo, nguwe Nguwe uthando lwami Ngi lala ngingalele ngijulile ngegqondo Ngiwotawotana ne pheshana Nge peni Ngicabangisisa Ngifisa sengathi bewukhona lapha Khona manje Ulele eduze kwami Usho izinto kimi Ngaphandle kokuphimisa amazwi Yimina kuphela owaziyo kahle Ngoku xhumana kwethu Yimi kuphela owaziyo oqondisisayo Yimi owakho, othanda wena

Bu şiire çeviri ekle ·

Bu şiiri puanla

Henüz puan verilmemiş

Yıldıza dokunarak 1–10 arası puan ver

Yorumlar

Yorum yapmak için giriş yapmalısın.

Giriş yap

Bu şiire henüz yorum yapılmamış. İlk sen ol.

Sana daha iyi bir okuma deneyimi sunabilmek için sitemizde çerez kullanıyoruz. Kişisel verilerin KVKK ve GDPR kapsamında işlenir; hangi çerezlere izin verdiğini dilediğin zaman değiştirebilirsin.