[zulu, Inkondlo] Sengisho Okuningi Ngokushesha Yini

L LLM Mbatha
0 Altın Yaprak
Sengisho okuningi kakhulu yini Sengithande kalula ngokushesha yini Seluhambile uthando, lungaka zalwa Ilanga angeke libuye lazi Ngokuqhakaza kwase busuku Thatha inhliziyo yakho ubalekisise Uze ungawuzwa umsindo we nyoni ihlabelela Umoya kuphela oshaya ezindlebeni zakho Uze ungayizwa ingilazi iphahlazeka Okuyuqobo lwenhliziyo yakho Ungam’thola kanjani enecala ophuphayo Kulomhlaba lapho uthando luyi nzondo Ilangabi lalo libandisa okwebala lenyanga Impilo yonke osukwini olulodwa Inhliziyo enothando ayizi qgizi qakala Ngalezo zinto ezifana nesi khathi noma ibanga Akuna y-izolo Akuna kusasa Uthando lunamuhla, njenga manje Noma ngabe usondele Noma ngabe uqhelile Ngemuva kwezi ntaba Ngaphesheya kwezi lwandle Noma khona lapha Ngaphambi kwami Ngiku nkonkoshele ezingalweni zami Uthando lulapha Lulapha njenga manje Kungani kumele ngicele uxolo Mina lo, obonileyo maqede wa thanda Ngithathe inhliziyo yami ngibalekisise Nginga wuzwa umsindo we nyoni ihlabelela Umoya kuphela oshaya ezindlebeni zami Ngize ngingayizwa ingilazi iphahlazeka Okuyuqobo lwenhliziyo yami Lake laxolisa yini iqhwa Ngoku ncibilika lapho libona ilanga

Bu şiire çeviri ekle ·

Bu şiiri puanla

Henüz puan verilmemiş

Yıldıza dokunarak 1–10 arası puan ver

Yorumlar

Yorum yapmak için giriş yapmalısın.

Giriş yap

Bu şiire henüz yorum yapılmamış. İlk sen ol.

Sana daha iyi bir okuma deneyimi sunabilmek için sitemizde çerez kullanıyoruz. Kişisel verilerin KVKK ve GDPR kapsamında işlenir; hangi çerezlere izin verdiğini dilediğin zaman değiştirebilirsin.