[zulu, Inkondlo] Ealbert-Park
L LLM Mbatha
0
Altın Yaprak
ngangi ngenandaba negama lomuthi
esasi hlezi ngaphansi kwawo epaki
ngingenandaba nom'bala wesibhakabhaka
mhlawumbe sasibomvu
mhlawumbe sasiluhlaza! ?
ngingenandaba nomsindo we nyoni
ihlikiza utshani
noma ukugigitheka kwezingane
ezazedlula ngemuva kwethu
noma imoto yabakwasidlodlo igijima
inyathela izimbali
empeleni, ngangingeke ngibe nandaba
ukube ilanga laliwela esicathulweni sami
ngeSonto, eThekwini
eAlbert-Park: siqabulana-
Bu şiiri puanla
Henüz puan verilmemiş