[zulu, Inkondlo] Entabeni Isandlwana

L LLM Mbatha
0 Altın Yaprak
Kwacishizibani, kwahlwemini! Zatheleka ezakwaZulu zingangotshani Habo! Kwachitheka gula-linamasi! Kwash’ izikhotha UZulu endlela zimhlophe UZulu edl’ amadoda UZulu emnyama ngenkani Engasahlehli engasabheki emuva Ibutho likaShaka! Iklwa nesibhamu! Wathinti bhubesi: impi! Thula mntakwethu ungakhali Kwaphequka bheshwana Kwaketuka bhantshana elibomvana Giya giya webutho likaNdaba Uyadela wena osulapho Maye! Umntakabani eSandlwana? Kwathi angiyi qhubekise lenkondlo Ngiyiqhubekise njalo-njalo Noma amade ngingasenawo Lusekhona ugqozi no fuqufuqu Kuthi angimusho kuthi angibasho Ngibabize ngamagama, amaqhawe Ngingapheli ngingaphumuli ngingaphefumuli Ngihlole umhlola owehlula abadala Ubani ongaqeda ezenkosi ezamakhosi Lingaphuma liyoshona entshonalanga Nginkondloza, ngihaya ingoma kaZulu Ziyoqoma kuphi ezakithi na Uma izinsizwa zisele entabeni Inyamazana iyolugaxa ucu, mina ngiyafunga Thula mntakwethu ungakhali Uyadela yena oselapho Maye! eNtabeni iSandlwana!

Bu şiire çeviri ekle ·

Bu şiiri puanla

Henüz puan verilmemiş

Yıldıza dokunarak 1–10 arası puan ver

Yorumlar

Yorum yapmak için giriş yapmalısın.

Giriş yap

Bu şiire henüz yorum yapılmamış. İlk sen ol.

Sana daha iyi bir okuma deneyimi sunabilmek için sitemizde çerez kullanıyoruz. Kişisel verilerin KVKK ve GDPR kapsamında işlenir; hangi çerezlere izin verdiğini dilediğin zaman değiştirebilirsin.