[zulu, Inkondlo] Ifuji, Ne Tafula

L LLM Mbatha
0 Altın Yaprak
Umcabango wathumela isintu enyangeni Iqhelelene kangakanani iFuji, ne Tafula Uma nginethuba lokuthi ngizikhethele Ngingakhetha ukuphila isikhashana maqede Ngishone, kunokuthi ngingaphili kwa nhlobo Yingakho ngingena kuzisola ngokuthanda isihambi Ngawe ngisangane ngikugijimise okwenkukhu Inqunywe ikhanda, angiyenqenanga ingozi Yeqiniso engangilazi kahle hle Iqiniso lokuthi isikhathi esasikusondeze kimi Yiso kanye esasiyokuntshontsha futhi Sikuntshontshe ngoku phazima kweso Ukuphupha ngawe emini kungisondeza kuwe Ngokusondela okwedlula lokho okomzimba Ukudlondlobala kothando kuyamangalisa Induku enhle igawulwa ezizweni kusho isiZulu Sasendulo, kanjalo ngiyakholelwa ekutheni Wena uyiyo kanye leyo nduku enhle (yasezizweni) Uthando lunginike amalungelo okuthi ngiphuphe emini Amalungelo okucabanga lokho okungaphezu kwamandla Ngibuye ngikholelwe yikho nge sibindi nango gqozi Ngakhoke tshela mina, ngitshele kahle, ngitshelisise Iqhelelene kangakanani iFuji, ne Tafula?

Bu şiire çeviri ekle ·

Bu şiiri puanla

Henüz puan verilmemiş

Yıldıza dokunarak 1–10 arası puan ver

Yorumlar

Yorum yapmak için giriş yapmalısın.

Giriş yap

Bu şiire henüz yorum yapılmamış. İlk sen ol.

Sana daha iyi bir okuma deneyimi sunabilmek için sitemizde çerez kullanıyoruz. Kişisel verilerin KVKK ve GDPR kapsamında işlenir; hangi çerezlere izin verdiğini dilediğin zaman değiştirebilirsin.