[zulu, Inkondlo] Ibhayisikili Elidala

L LLM Mbatha
0 Altın Yaprak
Bheka! Ukuncika kwalo obondeni! Licosha izintuli, likhithiza ukuthomba Phela lena kwaku-y-imilenze yakhe yensimbi Eya esikoleni, esontweni, noma eya ko qhetha Ngamhla lishisa noma linetha Kwathi ngalanga limbe wabuya ewulwandle Engakhulumisi muntu Ngaqaphelisa udaka eyembeni lakhe Kanye notshani embungculu yekhanda lakhe Emva kwesikhathi ngacaciselwa ngengozi engatheni Ayeke wahlangabezana nayo Phela washayisa itshe wavuka phansi Ngalelo langa, ngabo bonke lobo busuku Imilenze yensimbi yalala phansi, yalala phandle Kodwa kwathi ngosuku olwalandela lolo Kuse mpondo zankomo nge hora lesihlanu Ngavuswa umsindo wakhe Ehlikihla insimbi Eshikisha irabha Eselungele ukungena indlela Kodwa manje selincika ngobonda usuku lonke-

Bu şiire çeviri ekle ·

Bu şiiri puanla

Henüz puan verilmemiş

Yıldıza dokunarak 1–10 arası puan ver

Yorumlar

Yorum yapmak için giriş yapmalısın.

Giriş yap

Bu şiire henüz yorum yapılmamış. İlk sen ol.

Sana daha iyi bir okuma deneyimi sunabilmek için sitemizde çerez kullanıyoruz. Kişisel verilerin KVKK ve GDPR kapsamında işlenir; hangi çerezlere izin verdiğini dilediğin zaman değiştirebilirsin.