[zulu, Inkondlo] Inyanga Ka Ntulikazi

L LLM Mbatha
0 Altın Yaprak
Kunge lesingakhi lona ihora lapho ukuhlwa Kupheza khona ukuphupha ngokukhanya kwasemini Ize ibuye nini inhliziyo ekuzuleni kwayo Ukuze ingqondo ishaye umthetho oqondisayo Luze luxole nini uthando luzixolela lona Ukuze lubone kahle ukuthi ithemba Yigolide lezi wula Njengoba uthingo-lwenkosazane lungumgwaqo wazo Ukube bekunge khona okwa lezi zithombe ezimi balabala Esazi thwebulayo Futhi kungekhona okwale micabango yabanye abantu Ngabe ngithi, konke kwaku yiphupho nje Uthando siqabukana, ayikho ke leyonto! Isoka elingena sici, ayikho ke leyonto! Kwaku maphakathi no Ntulikazi? Ziyayidliva ezika Zibandlela (izimvula) Zigcwalisa imisele yasendulo ye Tafulakazi* Imimoya ecothozayo isika idlule ethanjeni Iyofinyelela em’nkantsheni ngenkemba ecijile Yamazinga-okushisa Ngicabanga iqhwa liwa ngaphezu kwe Fuji* Amahora angu 36 ukusuka onyaweni lweTafula* Ngizizwa ngifana ne ntaba! Ngiphuphe ngawe izolo Udlala imidlalo yezinsuku zobuwula Leso Sandla esenza izimbali zaqhakaza Senza ubuso bakho babenyezela kakhudlwana Mina sangenza, Awu-phela mina! Iliso lokuhalalisela! Kubathatha esingakanani isikhathi Abanye abantu ukuthi bathi: Mhlawumbe kwakungadalelwe, singadalelwene Kuthi lapho sebekushilo lokhu bese iyama yini Inhliziyo ukushaya Noma ingqondo, ukucabanga ngenyanga ka Ntulikazi

Bu şiire çeviri ekle ·

Bu şiiri puanla

Henüz puan verilmemiş

Yıldıza dokunarak 1–10 arası puan ver

Yorumlar

Yorum yapmak için giriş yapmalısın.

Giriş yap

Bu şiire henüz yorum yapılmamış. İlk sen ol.

Sana daha iyi bir okuma deneyimi sunabilmek için sitemizde çerez kullanıyoruz. Kişisel verilerin KVKK ve GDPR kapsamında işlenir; hangi çerezlere izin verdiğini dilediğin zaman değiştirebilirsin.