[zulu, Inkondlo] Incwadi Yothando Ii

L LLM Mbatha
0 Altın Yaprak
Olwami uthando olwamahhala Lukhululekile, luyakukhulula Ukuthi ube yikho lokho Ofisa ukuba yikho Noma kune nxenye yami Engathanda ukuthi ikugige Ikugigele esihlakaleni sesandla sami Ibuye ikwemboze Ngezintende zezandla zami Okwetshe le rubhi* noma ubuhlalu Beqophelo eliphezulu Ukuze ngiku vikele Ngibambelele kuwe Ungalahleki nangengozi Ungalahleki nangenhloso Ngingakugiga nje kuphela Ngokuthi Ngikugigele ekhanda lami Ngemicabango yokucabanga ngawe Ngenhliziyo ngikwemboze Ngemizwa yoku langazelela Kodwa ngikukhulule Ukuthi ukhululeke Ukungephula inhliziyo Ngabe luyini kanti uthando Uma lungeyona inkululeko Yefu lincibilika Liphenduka ubala olubuhlazana Lapho ngithi ngiyakuthanda Nawe uthi uyangithanda Yilowo kuphela umculo Olangazelelwa izindlebe zami Ngiyakuthanda Ngikukhumbule Ngiyakwesabela Ngikukhalele Ngoba akukho okumele Kwenzeke Ukuhlukumeza wena Angikaze kule mpilo Ngesabele enye impilo Ukulahlekelwa yiyo Noma Sengibabonile impela Baze babaningana Ikakhukazi emaphusheni Abakudala nabakusha Akekho onjengawe Uma kungukuthi Mhlawumbe ngalanga limbe Ngenxa yezimanga namanga Lendlu isayo bhidlika Ngiyo kwazi enhliziyweni yami Ukuthi ngenze okusemandleni Kodwa uthando, uthando selukwenzile konke

Bu şiire çeviri ekle ·

Bu şiiri puanla

Henüz puan verilmemiş

Yıldıza dokunarak 1–10 arası puan ver

Yorumlar

Yorum yapmak için giriş yapmalısın.

Giriş yap

Bu şiire henüz yorum yapılmamış. İlk sen ol.

Sana daha iyi bir okuma deneyimi sunabilmek için sitemizde çerez kullanıyoruz. Kişisel verilerin KVKK ve GDPR kapsamında işlenir; hangi çerezlere izin verdiğini dilediğin zaman değiştirebilirsin.