[zulu, Inkondlo] Ngangiyithanda
L LLM Mbatha
0
Altın Yaprak
ngangiyithanda leyontombi eyephula inhliziyo yami
kodwa ezalomhlaba
ziyindida ziyaxaka ziyamangalisa
wangiphoxa sithandwa ngi kuthanda
wadlala ngothando lwami, mntanomuntu!
thula nhliziyo yami!
lala uphumule, kusile kusasa
ngoba uthando lukhona, nendlela ikhona
sengizo vukela
ethembeni lokuphinda ngithande futhi
omunye ngelinye ilanga
ngelinye ikusasa elingaziwa
ngelinye ithemba elingabulali
ithemba lokuphinda ngithande futhi
Bu şiiri puanla
Henüz puan verilmemiş